Sikhona yini isidingo sokumtshela iqiniso?

“Sikhona yini isidingo sokumtshela iqiniso?” kusho umuntu. “Kungcono angimuyeke naye uyozibonela mhla wavula amehlo akhe.” Ingabe yiyo na indlela ekumele siziphathe ngayo leyo, yiyo na indlela okumele sibone ikakhulukazi abaholi bethu ngayo le? Okubuhlungu ukuthi uma sizesajwayela ukungalikhulumi iqiniso kwasekuqaleni kuba nzima ukulikhuluma esikhathini esizayo. Kuvele kube sekuyajwayeleka ukubheka eceleni lapho kufanele khona siphakame sivele obala, thina esilandela uJesu, futhi simuvuma ukuba uyiNkosi.

Ake ngenze isibonelo ngento esanda kwenzeka ezindabeni zezwe. Umongameli uJacob Zuma uke wazama kanye nethimba lakhe ukunxusa uRobert Mugabe ukuba ayeke ukuhlukumeza isizwe sase Zimbabwe njengoba kade sekusondele ukhetho. Ithimba uZuma ayehambe nalo ukuya eZimbabwe belino Lindiwe Zulu. uZulu lo uthe uma eseveza iqiniso ngokwenzekayo eZimbabwe, uMugabe wamuthuka. uZuma naye wayese vumelana noMugabe, yize lo uZulu bekhuluma iqiniso. Kwase kuyacaca ukuba uZuma uncamela ukubeka iqiniso ungcupheni kunokukhuza  uMugube.

Kodwa ngibe sengikhumbula ukuthi uZuma kwayena akazange ajwayele ukutshelwa iqiniso. Baningi abasondelene naye kodwa akekho oshoyo ukuthi:

1>  Ukuhamba ulala nabantu besifazane abaningi akulungile.

2>  Kanti futhi ukwenza lokho uma ungu-president kwenza isibonela esibi ebantwini obaholayo.

3>  Ukwakha isithabathaba somuzi ngemali kahulumeni yinto embi.

Ziningi izinto engingazibala ezimbi, lapho uZuma engazange akhuzwe abasondelene naye. Lezi zinto uma sezibumbene zivamisa ukuthelelana, futhi zenza ukuba umuntu ajwayele impilo yamanga neyokuzi khohlisa.

Lesi yisifundo esibalulekile kithi sonke: masijwayele ukukhuluma iqiniso, siqale ekhaya nje phakathi kwendonda nomfazi, phakathi kwabazali nezingane, emphakathini esiphila kuwo.

Futhi umangabe umuntu ekhuluma amanga maka vezwe obala, angavikelwa.

Kulesikhathi sanamhlanje kushoda kakhulu isizukulwane esizophakamela iqiniso. Esizo thanda iqiniso sivume ukuba ngumgcinimafa (‘guardians’) weqiniso.

Empeleni i-‘Quiet Diplomacy’ ingenye yezindlela iSitha sinqoba ngayo isizwe sabansundu, ngokusondeza umoya wamanga nowokukhohlisana, wembethiswe imfundiso nokuhlakanipha.

If you are in Johannesburg don’t miss our two-day festival  on 16th, 17th August 2013, where hot topics as  these will  be covered call: +27825328633 for more  details.